Inhloso wukusungula umhlahlandlela kazwelonke wokwenganyelwa kwamaphayiphi athwala iphethroliyamu, ukusungula uMkhandlu wokwengamela amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu nokuyiwona ozosingatha futhi ubheke ukusebenza komhlahlandlela kazwelonke kanye nezindaba eziphathelene nawo.
isikhungo sokugcina kushiwo nanoma yisiphi isikhungo sokugcina iphethroliyamu noma okuhloswe ukuba sisetshenziswe ukugcina iphethroliyamu.
lo Mthetho" ubandakanya iziqondiso ezikhishiwe kanye nezaziso ezikhishwe ngaphansi kwazo; kanti ungazibophezeli" kusho izinga elinqunywe uMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu, hhayi njengoba lidingeka ngokwezibopho zenkontileka.
i ukukhuthaza ukuba kube lula ukuthola imikhiqizo kawoyela engabizi kakhulu.
UMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu uyasungulwa njengsakhiwo esizoba namalungelo omthetho.
m ukwenza nanoma yini ephathelene nokwenziwa komsebenzi wawo; kanye n nokusebenzisa igunya noma ukwenza nanoma yimuphi umsebenzi okuyalelwe ukuba wenziwe ngumkhandlu ngaphansi kwanoma yimuphi omunye umthetho.
UMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu uyokwakhiwa ngamalungu amahlanu ayoqokwa nguNgqongqoshe.
UNgqongqoshe kumele aqoke ilungu elilodwa kumalungu aqokwe ngokwesigatshana 1 libe ngusihlalo woMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu.
Uma nganoma yisiphi isizathu usihlalo engaphumeleli ukwenza umsebenzi wakhe, lana amanye amalungu ayoqoka omunye umuntu phakathi kwawo ozoba yibamba likasihlalo kuze kube usihlalo usengakwazi ukuqhubeka nomsebenzi wakhe, noma kuze kube sekunomunye umuntu oqokwe nguNgqongqoshe.
a Ilungu loMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu liyoba sesikhundleni isikhathi esiyiminyaka emine.
b UNgqongqoshe unako ukuphinda aqoke umuntu oseke waqokwa.
c Uma ilungu loMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu lishiya esikhundleni, uNgqongqoshe angaqoka omunye umuntu ozongena esikhundleni salo kuze kuphele isikhathi ebelizosihlala libambe isikhundleni.
Amalungu oMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu kumele akhokhelwe ngomsebenzi awenzayo, kanti iholo lawo nezibonelelo kuyovunywa nguNgqongqoshe ngokubonisana noNgqongqoshe wezeziMali.
Akukho muntu oyoqokelwa ukuba yilungu loMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu uma lowo muntu a engesona isakhamuzi salapha eNingizimu Afrika futhi engahlali lapha eRiphabhliki yaseNingizimu Afrika b wehlulwe yisikweletu futhi engakasizwa ekutheni abuyele esimeni esifanele c elahlwe yicala elithinta ukungethembeki d uma kungahle kube khona ukushayisana kulokho okuyizifiso zomuntu njengelungu lebhodi nalokho okuyizifiso zakhe njengomuntu, ezithinta umsebenzi wakhe noma amabhizinisi.
a okuthi lapho behlangene babe nolwazi olwenele lwezomthetho, olwezindlela zokwenziwa komsebenzi, olwebhizinisi, olwezomnotho noma olunye nje ulwazi oluphathelene nokwengamela amaphayiphi athwala iphethroliyamu b okuthi lapho behlangene bawumele ngokufanele umphakathi waseNingizimu Afrika uwonke futhi c bangachemi kanjalo babe qotho.
Ngaphambi kokuqoka amalungu oMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu, uNgqongqoshe uyokhipha isaziso kusoMqulu kahulumeni, enxusa umphakathi ukuba wenze iziphakamiso zamagama abantu.
Wonke amalungu kuyothi lapho eqokelwa eMkhandlwini owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu azise uNgqongqoshe ngalezo zinto eziwathintayo wona siqu, ezithinta umsebenzi wawo, ezithinta amabhizini abandakanyeka kuwo kanti futhi ayomazisa uNgqongqoshe lapho kuba noguquko.
noma e uma likhishwa ekubeni yilungu ngesinye sesizathu esivezwe esigabeni 61.
UNgqongqoshe angakuhoxisa ukuqokelwa kwelungu eMkhandlwini owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu, uma lelo lungu liziphatha ngendlela ephambene nezimiso zesigaba 9.
UMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu kumele uhlangane ngezikhathi nasendaweni eyonqunywa ngusihlalo.
b Usihlalo kumele abize leyo mihlangano yoMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu njengalokhu idingakalela ukusebenza kwawo ngendlela efanele.
Usihlalo kuyothi ngokucelwa ngencwadi yisiKhulu esiyiNhloko noma ngamanye amalungu amabili abize umhlangano ophuthumayo oyobanjwa engakapheli amasonto amabili ngemuva kosuku okutholwe ngalo leso sicelo.
Usihlalo wanoma yimuphi umhlangano woMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu kumele anqume inqubo ezolandelwa kulowo mhlangano, ngaphandle uma kunenye inqubo ebekiwe okumele ilandelwe.
Inani elinelunglelo lokubamba umhlangano woMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu yilelo eliyiningi enanini lamalungu.
a Isinqumo esithathwe yiningi lamalungu akhona emhlanganweni siyoba yisinqumo soMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu.
b Uma kuba nokulingana kwamavoti kunanoma yiluphi udaba olunqunywayo umuntu owengamele umhlangano uyoba nelungelo levoti lesinqumo ngaphezu kwevoti asuke elifake ngesikhathi kusavota wonke umuntu.
Akukho sinqumo soMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu esiyothathwa ngokuthi asisebenzi ngenxa yesikhala eMkhandlwini owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu noma ngoba umuntu othile obengafanele ukuthathwa njengelungu ubekhona ngesikhathi kuthathwa isinqumo uma wonke amanye amalungu ekhona emhlanganweni futhi enelungelo lokuhlangana njengamalungu esibalo esivumelekile ukubamba umhlangano futhi isinqumo sibe sithathwe yiningi lamalungu akhona emhlanganweni futhi enelungelo lokuvota.
Isikhulu esiyiNhloko noma uma singekho umsebenzi woMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu othunywe yisiKhulu esiyiNhloko, uyokwethamela yonke imihlangano yoMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu, abe nelungelo lokukhuluma kuyona kodwa angabi nalungelo lokuvota kuleyo mihlangano.
a Nanoma yimuphi umhlangano woMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu uvulelekile ekutheni ungethanyelwa wumphakathi ngaphandle uma kunolwazi olubucayi noluyimfihlo oluthinta ubunikazi noma uhwebo okumele kuxoxwe ngalo, kanti kuleso simo lowo muntu othintekayo kumele abeke izizathu ezizwakalayo eMkhandlwini owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu zokuthi yingani lolo lwazi lungenako ukuthi ludalulelwe umphakathi.
b Uma uMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu uthatha isinqumo nganoma yiyiphi indlela ngaphandle kokuba semhlanganweni ohleliwe, leso sinqumo siqala ukusebenza ngaleso sikhathi kanti kumele sibhalwe phansi sisayinwe yiningi lamalungu futhi sethulwe emhlanganweni wokuqala ohleliwe woMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu ngemuva sithathiwe ukuze sifakwe emibhalweni.
c UMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu kumele uqiniseke ngokuthi wonke amarekhodi okusebenza kwawo ayagcinwa.
e acele uxolo futhi angazibandakanyi ekuvoteni nasekuxoxeni nganoma yiluphi udaba olubhungwa wuMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu, aziyo ukuthi luyawathinta ngqo noma ngezinye izindlela ezicashile; futhi f asebenze ngendlela okudingeka nokulindeleke ukuba umuntu osebenzela umphakathi asebenze ngayo.
f kumele sibhalwe phansi; futhi g sichazwe ngokucacile ngokwamaphuzu aso nangokomthetho kuchazwe nezizathu zaso.
Nanoma yisiphi isinqumo soMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu nezizathu zaso kumele umphakathi ukwazi ukusithola.
Nanoma yimuphi umuntu ophazamiseke ngandlela thize ngesinqumo esithathwe nguMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu, kumele udaba lolo alufake eNkantolo ePhakeme ukuze kubuyekezwe isinqumo leso.
UMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu kumele uqoke isiKhulu esiyiNhloko soMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu.
a wokwengamela imisebenzi yansuku zonke yoMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu; futhi b sengamele ezokuphatha ezithinta abasebenzi abaqokwe ngaphansi kwesigatshana 3.
Isikhulu esiyiNhloko singaqoka abasebenzi noma senze isivumelwano esinqunyelwe isikhathi nanoma yimuphi umuntu ukuba asize uMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu ekwenzeni umsebenzi wawo.
Isikhulu esiyiNhloko kanye nabanye abasebenzi boMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu kumele bakhokhelwe iholo, bathole izibonelelo nezimali zoxhaso eziyonqunywa nguMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu bese zivunywa nguNgqongqoshe noNgqongqoshe weziMali.
Ngaphandle kwalokho okushiwo esigatshaneni 1 no 3, uNgqongqoshe anganquma ukuthi uMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu uqoka noma usebenzise abantu abaqashwe noma abanesivumelwano nomunye umkhandlu wamalayisensi noma owengamele ongaphansi kukaNgqongqoshe.
Isigaba 9 sisebenza kunoma yimuphi umsebenzi woMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu kube nezinguquko ezihambelana nokuqukethwe.
a yimali ethathwe esiKhwameni sikaZwelonke seziMali b intela eqoqwe ngokulandela omunye umthetho c izimali ezikhokhelwa ukulamula, ukuxazulula kanye neminye imisebenzi eyenziwe d iminikelo nezimali ezitholakale ngokuqoqwa ngabantu, izikhungo, ohulumeni, amahhovisi okuphatha zase zivunywa nguNgqongqoshe.
UMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu kumele wenze umsebenzi ngokulandela uMthetho ka 1999 wokweNganyelwa kweziMali zoMphakathi (UMthetho onguNombolo 1 ka 1999).
UMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu kumele uvule i-akhawunti eyodwa noma ngaphezulu nesinye sezikhungo ezigunyazwe ngokomthetho bese ufaka kuyo zonke izimali ezitholakale emithonjeni ecatshangwa esigabeni 12.
Amarekhodi ezimali oMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu kumele acutshungulwe nguMcubungulu mabhuku oMkhulu.
Amarekhodi ezimali ayoveza amagama abantu noma ezinkampani ezifake iminikelo aveze futhi nokuthi lowo nalowo onikele ukhiphe malini.
Ngaphandle kwanoma yimuphi umbiko oyodingeka ngokoMthetho ka 1999 wokwenganyelwa kweziMali zoMphakathi (UMthetho onguNombolo 1 ka 1999), uMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu uyokwethula umbiko wonyaka kuNgqongqoshe zingapheli izinyanga ezintathu ngemuva kokuphela konyaka wezimali.
f amanye amaphuzu uMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu ongabona kunesidingo sokuthi afakwe; kanye g kanye nanoma yiziphi ezinye izihloko uNgqongqoshe angahle adinge ukuba zifakwe.
a akhe iphayiphi lokuthwala iphethroliyamu, isikhungo sokulayisha noma isikhungo sokuyigcina; noma b aqhube umsebenzi wephayiphi lokuthwala iphethroliyamu, isikhungo sokulayisha noma isikhungo sokuyigcina.
b ungakhipha umyalo wokuthi nanoma yimuphi umuntu obambe iqhaza kunanoma yimuphi umsebenzi odinga ilayisensi ngokwesigatshana 1, ebe lowo muntu engenayo ilayisensi akayeke ukwenza lowo msebenzi.
a Akukho lutho kulo Mthetho olunqabela lowo ofisa ukufaka isicelo selayisensi ekutheni axoxe noMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu ngalokho akucabangayo mayelana nokwakhiwa noma ukusebenza kwephayiphi elithwala iphethroliyamu, isikhungo sokulayisha noma sokugcina iphethroliyamu, lokho ekwenza ngaphambi kokufaka isicelo sakhe b UMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu uyonika lowo ofisa ukufaka isicelo nokukhulunywa ngaye epharagrafini a lonke ulwazi olubona ludingeka nolungaba wusilo lapho efaka isicelo selayisensi ngokulandela lo Mthetho.
Akukho sicelo solwazi oluthe xaxa, isaziso noma ukuxoxisana okukhulunywe ngako esigatshaneni sesi-3 okuyothathwa ngokuthi kunika nanoma yiliphi igunya noma ithemba kulowo ofake isicelo.
Nanoma yimuphi umuntu odinga ukufaka isicelo selayisensi ngokwesigaba 15, kumele agcwalise ifomu eyenzelwe lokho futhi alandele inqubo ebekiwe, kanti isicelo sakhe kumele siphelezelwe yimali enqunyiwe yokufaka isicelo.
f izinhlelo zekhono lalowo ofake isicelo lokukwazi ukuhlonipha imithetho ephathelene nezabasebenzi, ezempilo, ezokuphepha, ezokuvikeleka, ezemvelo, umthetho othinta ukusebenza ngaphansi komunye kanye neminye imibandela engahle isebenze; kanye g neminye imininingwane okungahle idingeke.
Umuntu ofake isicelo angacela ukuthi ulwazi olubucayi oluthinta ezohwebo lugcinwe luyimfihlo kanti uma ukuvuma lokho uMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu lolo lwazi lungagodlwa, okuwukuthi lungafakwa kumakhophi esicelo azotholwa wumphakathi.
f iziphakamiso zokuphikisa ukukhishwa kwelayisensi kumele ziphelezelwe yisitatimende ezifungelwe ngokomthetho noma ngokwenkolo.
c kumele unikeze umuntu ofake isicelo ngobufakazi beziphakamiso eziphikisayo nokukhulunywa ngazo esigabeni 17 2 ukuze lowo ofake isicelo ezokwazi ukuziphendula; kanye d ungacela olunye ulwazi oluthe xaxa njengoba lungahle ludingeke ukuze ukwazi ukubheka isicelo ngendlela efanele.
a ngemuva kokuphela kwesikhathi esivezwe esigabeni 172 d, uma kungekho ziphakamiso zokuphikisa ezitholakele; noma b ngemuva kokuba uthole impendulo yalowo ofake isicelo okukhulunywa ngayo esigabeni 18c.
UMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu kumele unike umuntu ofake isicelo ikhophi yesinqumo sawo kanjalo nohla lwamaphuzu okuthathelwe kuwo isinqumo.
a kwakhiwe iphayiphi lephethroliyamu, izinhlelo zamaphayiphi, isikhungo sokulayisha noma sokugcina iphethroliyamu; kanye b nokusebenza kwamaphayiphi ephethroliyamu, izinhlelo zamaphayiphi, isikhungo sokulayisha nokugcina iphethroliyamu.
d iphayiphi lephethroliyamu liyonikwa igunya lokuthwala uwoyela ongahluziwe kuphela noma lithwale imikhiqizo yephethroliyamu kuphela, aliyukukuthwala kokubili.
i kuzoba nokwabelana kwawo wonke amakhasimende ekusetshenzisweni kwephayiphi elinganyelwe yinkampani kaHulumeni futhi lokho kwenziwe ngokubhekela izidingo zawo.
amakhasimende okumanje anezinkontileka ezingahambisani nalesi sigatshana lapho kuqala ukusebenza kwalo Mthetho, bazoqhubeka nezinkontileka zabo kuze kufike lokho okuyokwenzeka kuqala phakathi kokuthi zesulwe noma kuphele iminyaka emihlanu kuqale ukusebenza kwalo Mthetho.
ngaphandle kwalokho okubhalwe esigatshaneni ii abantu abanenkontileka emaphayiphini ephethroliyamu abangalisebenzisi ilungelo labo kuze kuphele izinsuku eziyi-180 zilandelana noma ngaphezulu, bayobalahlekela lelo lungelo uma kuba abantu abanesifiso futhi abasesimeni sokuthi bangenza umsebenzi.
y izidingo zokubhekela ubuhlakani bezokuphepha okubandakanya ukufakwa kwanoma yimaphi amanye amazinga akhona ngokomunye umthetho noma umthetho ongaphansi.
Nanoma yimuphi umuntu onokuphazamiseka ngesimo esibekwe nguMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu ngokulandela isigatshana kungathi ngokulandela indlela ebekiwe afake isicelo eMkhandlwini owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu ukuba leso simo sibuyekezwe.
b Uma umuntu ophazamisekile engeyena umnikazi welayisensi uMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu kumele wazise umnikazi welayisensi ukuthi kunesicelo sokubuyekeza.
c Nanoma yinini lapho kunesicelo sokubuyekeza esifakwe ngokukapharagrafu a uMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu kumele wenze uphenyo kanti ngalokho kunokwenzeka ubize ofakazi ukuba bazovela kuwo.
Abanikazi bamalayisensi abeyubandlulula abathengi noma izigaba zabathengi ngokuphathelene nokusebenzisa intela, amanani, izimo kanye nomsebenzi ngaphandle uma lokho kwenziwa ngokusebenzisa umehluko obonakalayo novunywe nguMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu.
Ukwenqatshwa kokubandlulula okukhulunywa ngakho esigatshaneni 1 kubhekiswe ezenzweni zabanikazi bamalayisensi ezivuna leyo misebenzi ebathintayo ikakhulukazi.
Nanoma yiyiphi ilayisensi ekhishwe ngokulandela izimiso zalo Mthetho izosebenza iminyaka engamashumi amabili nanhlanu noma isikhathi ubude baso obuyonqunywa nguMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu.
Igunya lokuvuselelwa kwelayisensi linganikwa yinqobo uma uMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu uzonquma imibandela emisha neyehlukile yelayisensi.
Umnikazi welayisensi angeke akwazi ukuthi angedlulisela ilayisensi yakhe komunye umuntu.
f lapho kunesimo esiphuthumayo.
Indlela eyolandelwa lapho kwenziwa uguquko, kumiswa ukusebenza okukanye kususwa noma kwengezwa nanoma yimuphi umbandela welayisensi injengoba ichaziwe.
b isikhungo esinikwe ilayisensi noma umsebenzi esiwenzayo ungenamthelela emnothweni; noma c kunomunye umuntu ozimisele futhi osesimeni sokuthatha amalungelo nezibopho zomnikazi welayisensi ngaphansi kwemibandela nezinhloso zalo Mthetho, bese kukhishwa ilayisensi entsha enikwa lowo muntu.
Abanikazi belayisensi kumele banike uMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu isaziso sezinyanga eziyishumi nambili lapho behlongoza ukuyeka umsebenzi.
Indlela nenqubo eyolandelwa lapho kwesulwa ilayisensi ngaphansi kwesigatshana 1 injengoba ibhaliwe.
Uma umnikazi welayisensi ephula kumbe ehluleka ukuhlonipha umbandela welayisensi noma esinye sezimiso zalo Mthetho, uMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu ungakhipha incwadi yesexwayiso eya kulo mnikazi welayisensi emyalela ukuba ahloniphe umbandela noma isimiso soMthetho kungakapheli isikhathi esiyobe sibekwe kuleyo ncwadi yesixwayiso.
Uma umnikazi welayisensi ehluleka ukwenza lokho akuyalelwa yincwadi yesexwayiso okukhulunywa ngayo esigatshaneni 1, uMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu ungabiza isigcawu, ngokulandela isigaba 10, bese uthatha isinqumo ngalolu daba kanti ungahlawulisa umnikazi welayisensi imali ewu-R2 000 000,00 ngosuku, kulolo nalolo suku okube nokuqhubeka nokwehluleka ukuhlonipha umbandela welayisensi.
Noma yimuphi umuntu othintekayo esinqumeni esithathwe yisigcawu okukhulunywa ngaso esigatshaneni 2 angedlulisela leso sinqumo eNkantolo ePhakeme.
UMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu uyobheka ukuthi kube kukhulu kangakanani ukwephula umthetho lapho unquma inani lenhlawulo.
UNgqongqoshe kungathi ngokufaka isaziso kusoMqulu kaHulumeni aguqule inani lemali elivezwe esigatshaneni sesi-2 ngenhloso yokubhekana nesimo sokwehla kwamandla emali.
UMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu ungafaka isicelo eNkantolo ePhakeme sokuba inkantolo ikhiphe umyalo omisa ukusebenza noma owesula ilayisensi uma kunezizathu ezanele zokuba kumiswe ukusebenza kumbe yesulwe, nokubandakanya ukwehluleka komnikazi welayisensi ukhwakha nokwenza umsebenzi anikwe aliyisensi yawo, nokho lokhu kungebe ngukuphela kwesizathu.
Inkantolo okufakwe kuyo isicelo ngokwesigatshana 1 ingasamukela kumbe isichithe isicelo kanti ingakhipha umyalo kuye ngokubona kwayo ngokuphathelene nezindleko nokuqhutshwa komsebenzi owenziwa ngumnikazi welayisensi.
Mkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu udinga ukuba umnikazi welayisensi ethule isiqiniseko noma enze amalungiselelo azokwamukeleka eMkhandlwini owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu, ukuqinisekisa ukuthi uzowuhlonipha umbandela ophathelene nezempilo, ezokuphepha, ukuvikeleka kanye nezemvelo ngaphambi kokusebenza, ngesikhathi sokusebenza nangemuva kokuphela kwesikhathi sokusebenza kwelayisensi.
UMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu uyobheka ukunqunywa kwamanani ayobizwa ngumnikazi welayisensi lapho eqhuba umsebenzi wephayiphi lephethroliyamu njengomunye wemibandela yelayisensi.
d lingaguqulwa nguMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu lapho ubuyekeza.
b inani elisebenzayo liyohlala lisebenza kube sekuqala inani elisha noma lapho inani elisha lingavunywanga.
Umnikazi welayisensi akanako ukuthi angashintsha amanani omsebenzi anikwe ilayisensi yawo, ngaphandle kokuthi evunywe uMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu ngaphansi kwesigatshana 2 noma 3.
a kungathi njalo ngezikhathi ezifanele angene kunoma yisiphi isakhiwo okuqhutshwa kuso umsebenzi okhishelwe ilayisensi afike ahlole nanoma yisiphi isikhungo, impahla yokusebenza, imishini, amabhuku, i-akhawunti noma eminye imibhalo etholakale lapho; futhi b angafuna ukuba noma wubani alethe eMkhandlwini owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu ulwazi, amafomu entela kanye neminye imininingwane engadingakalela ukusebenza ngendlela efanele kwalo Mthetho.
UMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu ungadinga ukuthi ulwazi, amafomu entela kanye neminye imininingwane elethwe ngokwesigatshana 1 iqinisekiswe ngesifungo sasenkantolo noma sangokwenkolo.
Umuntu onikwe igunya nguMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu njengoba kucatshangwa esigatshaneni 1 kuyothi lapho ecelwa avezele nanoma yimuphi muntu omcelayo incwadi emgunyazayo.
Akukho lwazi olungekho banzi, oluyimfihlo, nolubucayi kwezohwebo, noma oluthinta ibhizinisi olutholwe nguMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu okuyovumeleka ukuba lwaziswe umphakathi noma oluyodalulelwa nanoma yimuphi umuntu ngaphandle kwemvume yalowo muntu olumthintayo, ngaphandle uma lokho kudalulwa kwalo kukhishwa ngumyalo weNkantolo ePhakeme.
UMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu kungathi ngokuvumelana kwazo zonke izinhlangano ezixabene, ube ngumlamuli noma umxazululi kunanoma yiluphi udaba olungena kulo Mthetho.
b Lapho usebenza njengomxazululi, uMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu kumele uthathe isinqumo odabeni osuke uluxazulula.
a UMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu kungathi ngokucelwa yilabo abathintekayo odabeni, uqoke umuntu ofanele ozowumela ekubeni ngumxazululi noma umlamuli kunanoma yiluphi udaba olucatshangwa esigatshaneni 1.
b Nanoma yisiphi isinqumo somlamuli okhethwe ngalendlela kumele sithathwe ngokuthi siyisinqumo soMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu.
Nanoma yisiphi isinqumo esithathwe nguMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu lapho ulamula kumbe uxazulula njengoba kucatshangwa esigatshaneni sesi-2, siyoba yisibopho kubona bonke lapho abathinteka engxabanweni.
a zokubandlulula mayelana namanani noma izimo zokusebenzisa; kanye b nokwehluleka ukuthola ilungelo lokusebenzisa amaphayiphi ephethroliyamu, isikhungo sokulayisha kanye nesikhungo sokugcina iphethroliyamu.
b incazelo yemizamo eyenziwe ukuxazulula leyo ngxabano ngaphambi kokuba yethulwe eMkhandlwini owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu.
Ngenhloso yokufeza izinhloso zalo Mthetho, uMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu ungathatha umhlaba noma nanoma yiliphi ilungelo elikhona, lokho ukwenzela umnikazi welayisensi ngokulandela isigaba 25 soMthethosisekelo.
Inqubo ezolandelwa ukunika amandla isigatshana 1 kumele ishiwo.
b umhlaba noma nanoma yiliphi ilungelo lawo uyalidinga umnikazi welayisensi ngenhloso yokuba nezikhungo ezizosimamisa ingqalasizinda yamaphayiphi ephethroliyamu eRiphabhliki.
g indlela yokufukula abantu baseNingizimu Afrika ababencishwe amathuba; kanye h nanoma yiluphi olunye udaba olunganqunywa kumbe okuhlinzekelwe ukuba lubhekelwe ngokweziqondiso zalo Mthetho.
b acele umphakathi ukuba unike uvo lwawo ngalezo ziqondiso; futhi c ayibhekisise imibono eyethuliwe.
j ukuhlola nokuthola imininingwane ngokwakhiwa kanye nokusebenza kwesikhungo sephethroliyamu; kanye k nokuxhumana nabo bonke labo abathintekayo.
d nesiqondiso kumbe umyalo okhishwe ngokwalo Mthetho.
Nanoma yisiphi isivumelwano esiphikisana isigatshana 1 asiyusebenza kulabo abathintekayo ngalokho sedluliselwe enkantolo.
Nanoma yimuphi umuntu ongumnikazi kumbe osebenzisa amaphayiphi ephethroliyamu, isikhungo sokulayisha noma sokugcina iphethroliyamu ngaphambi kokuqala kokusebenza kwalo Mthetho, kumele afake isicelo selayisensi eMkhandlwini owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu zingakapheli izinyanga eziyisithupha.
UMkhandlu owengamele amaPhayiphi athwala iPhethroliyamu kumele ukhiphe ilayisensi okukhulunywa ngayo esigatshaneni , ngaphandle uma uthola ukuthi lowo ofake isicelo selayisensi angeke akwazi ukuphatha kumbe ukusebenzisa amaphayiphi ephethroliyamu, isikhungo sokulayisha kanye nesikhungo sokugcina iphethroliyamu ngendlela ehambisana nezinhloso nezimiso zalo Mthetho.
b Noma yiyiphi ilayisensi ekhishwe ngokulandela upharagrafu a kumele ngazo zonke izikhathi ithathwe njengelayisensi ekhishwe ngokwezimiso zesigaba se-19.
